U-Isaya 52:11-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. Mukani, mukani, niphume lapha,ningathinti okungcolileyo,niphume phakathi kwalo, nizihlambululenina eniphatha izitsha zikaJehova.

12. Ngokuba aniyikuphuma ngokushesha,ningahambi ngokubaleka,ngokuba uJehova uyakuhamba phambi kwenu,noNkulunkulu ka-Israyeli uyakuba semva kwenu.

13. Bheka, inceku yami iyakuphumelela kahle;iyakukhuliswa, iphakanyiswe, iphakame kakhulu.

14. Njengalokhu abaningi bamangala ngayoubuso bayo babonakele kunobabantu,nesimo sayo kunesamadodana abantu

15. kanjalo iyakwethusa izizwe eziningi;amakhosi ayakuvala imilomo yawo ngenxa yayo,ngokuba lokho angatshelwanga khona ayakukubona,nalokho angakuzwanga ayakukuqonda.

U-Isaya 52