1. “Ngilaleleni nina enilandela ukulunga,nina enimfunayo uJehova;bhekani kulo idwala eniqhezulwe kulo,nakuyo imibhobo yomgodi enakhishwa kuyo.
2. Bhekani ku-Abrahama uyihlo,nakuSara owanizalayo,ngokuba eseyedwa ngambiza,ngambusisa, ngamandisa.
3. Ngokuba uJehova uyakuliduduza iSiyoni,aziduduze zonke izindawo zalo ezichithekileyo,enze ihlane lalo libe njenge-Edene,noqwathule lwalo lube njengensimu kaJehova;injabulo nentokozo kuyakufunyanwa khona,ukubonga nezwi lokuhlabelela.