25. Ngalokho intukuthelo kaJehova iyavuthela isizwe sakhe;welulela isandla sakhe kuso, uyasishaya;izintaba ziyathuthumela,nezidumbu zabo ziyimfucumfucuphakathi ezitaladini;kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi,isandla sakhe siseluliwe.
26. Uyakuphakamisela isizwe esikude ibhandela,*asihlabele ikhwelo ekugcineni komhlaba;bheka, uyeza masinyane ngejubane.
27. Akakho oyakukhathala,akhubeke kuso;akakho oyakozela, alale;ibhande* lezinkalo zabo aliyikuthukuluka,nomchilo wezicathulo zabo awuyikugqabuka,
28. bona abamicibisholo yabo ibukhali,nayo yonke iminsalo yabo insaliwe;izinyawo zamahhashi abo ziyakubalwa njengensengetsha,namasondo abo njengesivunguvungu.
29. Ukubhonga kwabo kunjengokwengonyamakazi,bayakubhonga njengamabhongo ebhubesi,yebo, bayakugwavuma,babambe impango yabo,bamuke nayo, kungekho oyophulayo.