U-Isaya 49:5-21 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. Manje uthi uJehovaowangibumba kwasekuzalweni ukubangibe yinceku yakheyokubuyisela kuye uJakobe,kubuthelwe kuye no-Israyeli futhingidunyisiwe emehlweni kaJehova,uNkulunkulu wami waba ngamandla ami

6. yebo, uthi:“Kuyinto elula ukuba ube yinceku yamiukuvusa izizwe zakwaJakobe,nokubuyisa abaseleyo bakwa-Israyeli;ngalokho ngiyakukubeka ube ngukukhanya kwabezizwe,ube yinsindiso yami kuze kube semkhawulweni womhlaba.”

7. Usho kanje uJehova,uMhlengi ka-Israyeli noNgcwele wakhe,kodelelwa nokudelelwa noyisinengiso esizweni,koyinceku yababusi, uthi:“Amakhosi ayakubona, asukume,izikhulu zibone, zikhothamengenxa kaJehova othembekile,oNgcwele ka-Israyeli okukhethileyo.”

8. Usho kanje uJehova, uthi:“Ngiyakuphendula ngesikhathi somusa,ngosuku lokusindiswa ngiyakusiza;ngiyakukulondoloza, ngikubekeube yisivumelwano sabantusokubuyisa izwenokubenza badle amafa achithekileyo,

9. uthi kwababoshiweyo: ‘Phumani,’nakwabasebumnyameni: ‘Velani.’“Bayakuklaba ngasezindleleni,amadlelo abo abe semagqumeni onke.

10. Abayikulamba, abayikoma,abayikushaywa yisifudumezi nelanga,ngokuba yena onomusa kubo uyakubahola,abayise emithonjeni yamanzi.

11. Ngiyakuzenza zonke izintaba zami zibe yizindlela,imendo yami iphakame.

12. Bheka, laba bayakuvela kude;bheka, laba bayakuvela enyakatho nasentshonalanga,nalaba ezweni laseSinimi.”

13. Jabulani nina mazulu,uthokoze nawe mhlaba,niqhumuke ngokuhlabelela nina zintaba,ngokuba uJehova ududuza abantu bakhe,abe nomusa kwabahluphekileyo bakhe.

14. Kepha iSiyoni lithi:“UJehova ungishiyile,iNkosi ingikhohliwe.”

15. “Owesifazane angakhohlwa umntwana wakhe oncelayoukuba angabi namusa kuyo indodana yesizalo sakhe na?Yebo, bona bangakhohlwa,kodwa mina anginakukukhohlwa wena.

16. Bheka, ezandleni zami ngikubhalile,izingange zakho ziphambi kwami njalo.

17. Abantwana bakho bayashesha;abakuchithayo nabakwenza ize baphuma kuwe.

18. Phakamisa amehlo akho nxazonke, ubone:bonke bayabuthana, bafika kuwe.Kuphila kwami,” usho uJehova,“impela uyakubembatha bonke njengemvunulo,uzibhince ngabo njengomakoti.

19. “Ngokuba izindawo zakho ezichithekileyo neziyizenezwe lakho eliqothuliweyokuyakuminyana ngabakhileyo khona,nabakugwinyileyo bayakuba kude.

20. Abantwana bokusweziselwa kwakhobasayakusho ezindlebeni zakho ukuthi:Indawo ingumcingo kimi;sukani kimi ukuba ngihlale.

21. Bese wusho enhliziyweni yakho ukuthi:‘Ngubani ongizalele laba,lokhu ngaphuciwe abantwana bami,ngingenalutho,ngingumthunjwa, ngingozulazulayo, na?Ngubani okhulise laba na?Bheka, ngasala ngedwa;laba babephi na?’ ”

U-Isaya 49