U-Isaya 49:22-25 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

22. Isho kanje iNkosi uNkulunkulu, ithi:“Bheka, ngiyakuphakamisela izizwe izandla zami,ngimisele abantu ibhanela* lami;bayakuletha amadodana akho esifubeni sabo,namadodakazi akho ayakuthwalwa emahlombe.

23. Amakhosi ayakuba ngabazanyana bakho,namakhosikazi awo ayakuba ngabancelisi bakho;bayakukukhothamela ubuso bubheke phansi,bakhothe uthuli lwezinyawo zakho;uyakwazi ukuthi nginguJehova,abethemba kimi abayikujabha.”

24. Impango ingasuswa kuwo amaqhawe,nabathunjwa bangophulwa kubacindezeli, na?

25. Noma kunjalo, uJehova uthi:“Yebo, abathunjwa bamaqhawe bangasuswa,nempango yabacindezeli iyakophulwa,kepha mina ngiyakulwa naye olwa nawe,ngisindise abantwana bakho.

U-Isaya 49