U-Isaya 48:8-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. Yebo, awuzwanga, awazanga,kwasendulo indlebe yakho ayivulwanga,ngokuba bengazi ukuthi wawukhohlisa nokukhohlisa,wabizwa ngokuthi umhlubuki kwasekuzalweni.

9. Ngenxa yegama lamingiyakulibazisa intukuthelo yami,ngizibambele wena ngodumo lwamiukuba ngingakunqumi.

10. Bheka, ngikucwengisisile,kungavelanga isiliva kodwa;ngikuvivinyile esithandweni sezinhlupheko.

11. Ngenxa yami, ngenxa yami ngiyakwenza,ngokuba igama lami lingcoliselwani na?Anginiki omunye inkazimulo yami.

12. “Ngilalele, Jakobe,wena Israyeli, obiziweyo wami;ngisenguye, ngingowokuqala,futhi ngingowokugcina.

13. Yebo, isandla sami sisibekile isisekelo somhlaba,nesokunene sami silenekile izulu;lapho ngikubizayo,kuma ndawonye.

14. “Buthanani nina nonke, nizwe;ngubani phakathi kwabo omemezela lezi zinto na?Amthandayo uJehova uyakuyifeza intando yakhe ngeBabele,nengalo yakhe iyakuba phezu kwamaKaledi.

15. Mina, mina ngikhulumile,yebo, ngimbizile,ngimlethile, uyakuphumelela endleleni yakhe.

16. “Sondelani kimi, nizwe lokhu;angikhulumanga ekusithekeni kwasekuqaleni;kusukela esikhathini sokuba kwenzeke, ngangikhona.”Manje uJehova uNkulunkulu ungithumile kanye noMoya wakhe.

17. Usho kanje uJehova uMhlengi wakho,oNgcwele ka-Israyeli, uthi:“NginguJehova uNkulunkulu wakhookufundisile okukusizayo,okuholile ngendlela omelwe ukuhamba ngayo.

18. Sengathi nga ulalele imiyalo yami!Khona ukuthula kwakho kwakuyakuba njengomfula,nokulunga kwakho njengamaza olwandle;

19. nenzalo yakho yayiyakuba ngangesihlabathi,nabantwana bezibilini zakho njengezinhlamvu zaso;igama lakhe nga linganqunywanga,lachithwa ngaphambi kwami.”

U-Isaya 48