U-Isaya 48:8-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. Yebo, awuzwanga, awazanga,kwasendulo indlebe yakho ayivulwanga,ngokuba bengazi ukuthi wawukhohlisa nokukhohlisa,wabizwa ngokuthi umhlubuki kwasekuzalweni.

9. Ngenxa yegama lamingiyakulibazisa intukuthelo yami,ngizibambele wena ngodumo lwamiukuba ngingakunqumi.

10. Bheka, ngikucwengisisile,kungavelanga isiliva kodwa;ngikuvivinyile esithandweni sezinhlupheko.

11. Ngenxa yami, ngenxa yami ngiyakwenza,ngokuba igama lami lingcoliselwani na?Anginiki omunye inkazimulo yami.

12. “Ngilalele, Jakobe,wena Israyeli, obiziweyo wami;ngisenguye, ngingowokuqala,futhi ngingowokugcina.

U-Isaya 48