1. “Kepha yizwa manje, Jakobe, nceku yami,wena Israyeli engikukhethileyo.
2. Usho kanje uJehova owakudalayo,wakubumba kwasesiwini, oyakukusiza, uthi:Ungesabi, Jakobe, nceku yami,wena Jeshuruni engikukhethileyo.
3. Ngokuba ngiyakuthela amanzi phezu kokomileyo,nezikhukhula phezu kokushileyo,ngithulule uMoya wami phezu kwenzalo yakho,nesibusiso sami phezu kwabantwana bakho;