21. Kwaba kuhle kuJehova ngenxa yokulunga kwakheukuba akhulise umthetho, awudumise.
22. Kepha laba bangabantu abaphangiweyo nabamukiweyo;bonke bacushiwe emigodini,bafihliwe ematilongweni;bangabokuphangwa,akakho obophulayo,yebo, bayimpango,kungekho oshoyo ukuthi: “Buyisa.”
23. Ngubani phakathi kwenu obeka indlebe kulokhu,aqaphele, ezwele isikhathi esizayo, na?
24. Ngubani owanikela uJakobe ukuba aphangwe,no-Israyeli kubo abaphangi, na?Angithi nguJehova, esonile kuye,nabangavumanga ukuhamba ngezindlela zakhe,nabangawulalelanga umthetho wakhe?
25. Wayesethela phezu kwakhe ukufutheka kwentukuthelo yakhe,namandla empi;kwamvuthela nxazonke,kepha akakwazanga;kwamshisa, kepha akakubekanga enhliziyweni yakhe.