U-Isaya 42:1-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. “Bheka inceku yami engiyisekelayo,okhethiweyo wami othokoza ngayeumphefumulo wami;nginikele umoya wami phezu kwakhe,uyakukhiphela izizwe ukwahlulela.

2. Akayikukhala, adazuluke,angezwakalisi izwi lakhe ezitaladini.

3. Umhlanga ofecekileyo akayikuwaphula,umongo othunqayo akayikuwucima;uyakukhipha ukwahlulela ngeqiniso.

4. Akayikudangala, aphele amandla,aze amise ukwahlulela emhlabeni;neziqhingi ziyakuhlalela umthetho wakhe.”

5. Usho kanje uNkulunkulu uJehovaowadala izulu, waleneka,nowawendlala umhlaba nokuvela kuwo,nowanika abantu abakuwo ukuphefumulanomoya kwabahamba kuwo, uthi:

6. “Mina Jehova ngikubizile ngokulunga,ngiyakubamba isandla sakho, ngikugcine,ngikubeke ube yisivumelwano sabantunokukhanya kwabezizwe,

7. ukuze uvule amehlo ezimpumputhe,ukhiphe iziboshwa etilongweninabahlezi ebumnyameni etilongweni.

8. “NginguJehova; yilo igama lami;angiyikunika omunye inkazimulo yami,nezithombe ezibaziweyo udumo lwami.

9. Izinto zakuqala zifikile,sengimemezela izinto ezintsha;zingakaqhamuki, ngiyanizwisa zona.”

10. Mhubeleni uJehova ihubo elisha,nodumo lwakhe,kusukela emikhawulweni yomhlaba,nina enehlela elwandle nakho konke okukulo,nina ziqhingi nabakhileyo kuzo.

U-Isaya 42