13. Ngubani oqondisile uMoya kaJehova,wamfundisa engumluleki wakhe, na?
14. Walulekana nobani waze wamqondisa,wamfundisa indlela yokwahlulela,wamnika ukwazi,wamazisa indlela yokuqonda, na?
15. Bheka, izizwe zinjengethonsi kwasesitsheni,zibalwa njengothuli lwesilinganiso;bheka, iziqhingi uyaziphakamisa njengothuli olucolekileyo.
16. ILebanoni alanele ukubaswa,nezilwane zalo azanele ukuba zibe ngumnikelo wokushiswa.
17. Zonke izizwe zinjengento engeluthophambi kwakhe,zibalwa njengokungelutho nokuyize kuye.
18. Niyakumfanisa uNkulunkulu nobani,nimlinganise namuphi umfanekiso, na?
19. Yisithombe yini esibunjiwe yisisebenzi,sanamekwa ngegolide ngumkhandi,sancibilikiselwa amaketanga esiliva, na?