U-Isaya 39:4-7 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. Wayesethi: “Baboneni endlini yakho na?”UHezekiya wathi: “Babone konke okusendlini yami; akukho nto phakathi kwengcebo yami engingababonisanga yona.”

5. U-Isaya wathi kuHezekiya: “Yizwa izwi likaJehova Sebawoti.

6. Bheka, izinsuku ziyeza, lapho konke okusendlini yakho nalokho oyihlo abakubekelele khona kuze kube namuhla kuyakuyiswa eBabele; akuyikusala lutho, usho uJehova.

7. Nasemadodaneni akho ayakuphuma kuwe, oyakuwazala, bayakuwathatha abe yizinceku endlini yobukhosi yenkosi yaseBabele.”

U-Isaya 39