U-Isaya 36:8-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. “ ‘Ngalokho ake uvumelane nenkosi yami, inkosi yase-Asiriya, ngiyakukunika amahhashi ayizinkulungwane ezimbili, uma ungabeka izinkweli kuzo.

9. Pho, ungaphindisela emuva kanjani nenduna eyodwa ezincekwini ezincane zenkosi yami na? Nokho wethemba iGibithe ukuthola khona izinqola nabamahhashi.

10. Manje ngenyukele yini ngaphandle kukaJehova kuleli zwe ukuba ngilichithe, na? UJehova wathi kimi: “Yenyukela kulelo zwe, ulichithe.” ’ ”

U-Isaya 36