6. UJehova unenkemba; igcwele igazi,inonile ngamanoni nangegazi lamawundlu nelezimbuzi,nangamanoni ezinso zezinqama,ngokuba uJehova uyanikela eBosira,unokuhlaba okukhulu ezweni lakwa-Edomi.
7. Izinyathi ziwa kanye nazo,nezinkunzana kanye nezinkunzi;izwe labo liyakugcwala igazi,nothuli lwabo luyakunona ngamanoni.
8. Ngokuba kulusuku lokuphindisela kukaJehova;ngumnyaka wokubuyisela ngendaba yaseSiyoni.