U-Isaya 34:15-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

15. Lapho umantshingeyana uyakwakha ikhaya lakhe,azalele, achamisele,afukame ngomthunzi wakhe,kubuthane khona nawonhloyile,kube yilowo nalowo nomngane wakhe.

16. Funani encwadini kaJehova, nifunde;ayiyikusilala nento eyodwa kulokhu,ayikho eyakuswela umngane wayo,ngokuba ngumlomo wakhe okuyalezile,nomoya wakhe okuhlanganisile.

17. Nguye okwenzele inkatho;yisandla sakhe esikwabele ngentambo;kuyakudla ifa lalo kuze kube phakade,izizukulwane ngezizukulwane kuyakuhlala kulo.

U-Isaya 34