U-Isaya 34:1-6 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Sondelani nina zizwe, nizwe,nilalele nina bantu:makuzwe umhlaba nokugcwala kwawo,nezwe nakho konke okuvela kulo.

2. Ngokuba uJehova uthukuthelela izizwe zonke,ufuthekela yonke impi yazo;uziqalekisile, uzinikele ekubulaweni.

3. Ababuleweyo bazo balahliwe,nokunuka kuyenyuka ezidunjini zabo;izintaba zincibilika ngegazi labo.

4. Ibandla lonke lasezulwini liyaphela,izulu lisongwe njengomqulu;ibandla lonke liyawa njengokuwa kweqabunga emvinininanjengokubunileyo emkhiwaneni.

5. Ngokuba inkemba yami izanelisile ngegazi ezulwini;bheka, iyakwehlela phezu kuka-Edominaphezu kwabantu besiqalekiso sami ukuba ibahlulele.

6. UJehova unenkemba; igcwele igazi,inonile ngamanoni nangegazi lamawundlu nelezimbuzi,nangamanoni ezinso zezinqama,ngokuba uJehova uyanikela eBosira,unokuhlaba okukhulu ezweni lakwa-Edomi.

U-Isaya 34