U-Isaya 33:1-6 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Wo kuwena ochithayo,kungachithwanga wena,nakuwe okhohlisayo,kungakhohliswanga wena!Lapho uqede ukuchitha uyakuchithwa,nalapho usugcine ukukhohlisa,uyakukhohliswa nawe.

2. Jehova, yiba nomusa kithi,sihlalela wena.Yiba yingalo yethu ekuseni njalo,nokusindiswa kwethu ngesikhathi sokuhlupheka.

3. Ngezwi lokuhlokoma abantu bayabaleka;ngokuphakama kwakho izizwe ziyahlakazeka.

4. Impango iyakubuthwa njengokubutha kwecimbi,nanjengokuhlasela kwezinkumbi iyakuhlaselwa.

5. UJehova uphakeme, ngokuba uhlala phezulu;uligcwalisile iSiyoni ngokwahlulela nangokulunga.

6. Kuyakuba khona ukuqiniseka ngesikhathi sakho,ubuningi bokusindiswa nokuhlakanipha nokwazi;ukumesaba uJehova kuyingcebo yakhe.

U-Isaya 33