1. Wo kuwena ochithayo,kungachithwanga wena,nakuwe okhohlisayo,kungakhohliswanga wena!Lapho uqede ukuchitha uyakuchithwa,nalapho usugcine ukukhohlisa,uyakukhohliswa nawe.
2. Jehova, yiba nomusa kithi,sihlalela wena.Yiba yingalo yethu ekuseni njalo,nokusindiswa kwethu ngesikhathi sokuhlupheka.
3. Ngezwi lokuhlokoma abantu bayabaleka;ngokuphakama kwakho izizwe ziyahlakazeka.
4. Impango iyakubuthwa njengokubutha kwecimbi,nanjengokuhlasela kwezinkumbi iyakuhlaselwa.
5. UJehova uphakeme, ngokuba uhlala phezulu;uligcwalisile iSiyoni ngokwahlulela nangokulunga.
6. Kuyakuba khona ukuqiniseka ngesikhathi sakho,ubuningi bokusindiswa nokuhlakanipha nokwazi;ukumesaba uJehova kuyingcebo yakhe.