U-Isaya 32:6-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. Ngokuba isiwula siyakukhuluma ubuwula,nenhliziyo yaso iyakusebenza ububi,yenze ukungamesabi uNkulunkulu,ikhulume okuphambene noNkulunkulu,yenze ukuba olambileyo abe nephango,nowomileyo ukuba aswele uphuzo lwakhe.

7. Izikhali zomkhohlisi zimbi;uhlela amacebo amabi,ukuze achithe izihlupheki ngamazwi amanga,nalapho ompofu ekhuluma ngokufaneleyo.

8. Onesizotha uceba okuzothileyo,nangokuzotha kwakhe uyakuma.

9. Vukani nina besifazane abazinzileyo,nizwe izwi lami;nina madodakazi azethembayonibeke indlebe ekukhulumeni kwami.

10. Ezinsukwini ezidlula umnyaka niyakuhlushwanina besifazane abazethembayo,ngokuba ukuvuna kwemivini kuyakuphela,nokubutha akuyikufika.

11. Qhaqhazelani nina besifazane abazinzileyo,nihlupheke nina enizethembayo;khumulani nizenze nqunu,nibhince indwangu yamasaka ezinkalweni zenu.

U-Isaya 32