14. Luyabhidlizwa njengokuphahlazwa kwesitsha sombumbi,esichotshozwa singahawukelwa,kungabe kusatholakala phakathi kwezihlephunodengezi lokuthatha umlilo eziko,nolokucakula amanzi emgodini.”
15. Ngokuba yasho njalo iNkosi uJehova, oNgcwele ka-Israyeli, yathi:“Niyakusindiswa ngokuphenduka nangokuphumula,amandla enu abe ngukuthula nangokwethemba;kepha anithandanga.
16. Kodwa nasho nathi: ‘Qha, siyakubaleka ngamahhashi,’ngalokho niyakubaleka:‘Sikhwele anejubane,’ngalokho abanixoshayo bayakuba nejubane.
17. Inkulungwane iyakubaleka ngokusongela koyedwa;ngokusongela kwaba yisihlanu niyakubaleka,nize nishiywe njengensika esiqongweni sentabananjengebhanela* phezu kwegquma.”
18. Ngalokho uJehova uyakulindelaukuba abe nomusa kini;nangalokhu uyakuphakama ukuba abe nesihe kini,ngokuba uJehova unguNkulunkulu wokwahlulela;babusisiwe bonke abamhlalelayo.
19. Ngokuba wena sizwe esakhe eSiyoni eJerusalema ungabe usakhala nokukhala; uyakuba nomusa impela kuwe ngezwi lokudazuluka kwakho; lapho elizwa, uyakuphendula.