U-Isaya 3:7-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. ngalona lolo suku uyakudazuluka athi:“Angiyikuba ngumelaphi,ngokuba endlini yami akukho sinkwa,akukho ngubo;ningangibeki umbusi wabantu.”

8. Ngokuba iJerusalema likhubekile,noJuda uwile,lokhu izilimi zabo nezenzo zabo ziphambene noJehovaukucunula amehlo enkazimulo yakhe.

9. Ukukhetha kwabo ubuso kuyafakaza ngabo;benza izono zabo obala njengeSodoma, abazifihli.Maye kuyo imiphefumulo yabo!Ngokuba bazenzele okubi.

10. Yishoni kolungileyo ukuthi kuyakuba kuhle kuye,ngokuba bayakudla izithelo zezenzo zabo.

U-Isaya 3