U-Isaya 28:26-29 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

26. UNkulunkulu wakhe uyamhlakahlisa ngendlela eyiyo,amfundise.

27. Ngokuba amafitshizi* awabhulwa ngesibhulo esibukhali,nesondo lengqukumbane kaliphendulwa phezu kwekumini,*kepha amafitshizi ayavuthuzwa ngendukunekumini ngothi.

28. Amabele esinkwa ayacolwa na?Cha, ngokuba awabhulwa nokubhulwa njalo;nakuba eqhuba isondo lengqukumbanenamahhashi alo phezu kwawo, awacolisiswa.

29. Nalokho kuvela kuJehova Sebawotioyisimangaliso ekululekeninomkhulu emaswini.

U-Isaya 28