U-Isaya 26:9-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. Ngomphefumulo wami ngikulangazelela ebusuku,yebo, ngomoya wami ophakathi kwami ngiyakufunisisa,ngokuba lapho izahlulelo zakho zisemhlabeni,abakhileyo bezwe bafunda ukulunga.

10. Uma omubi ephiwa umusa,akafundi ukulunga;ezweni lobuqotho uyakwenza ukonakala,angaboni ukuphakama kukaJehova.

11. Jehova, isandla sakho siphakeme,kepha kababoni;kodwa mababone ukushisekela kwakho abantu,babe namahloni;yebo, umlilo uyakuqeda izitha zakho.

12. Jehova, uyakusimisela ukuthula;ngokuba nayo yonke imisebenzi yethusenzelwe yona nguwe.

13. Jehova Nkulunkulu wethu,amanye amakhosi angaphandle kwakho asibusile,kepha kuwena wedwa siyadumisa igama lakho.

14. Abafileyo ababuyi baphile,izithunzi azibuyi zivuke;ngalokho wabahambela, wabachitha,wenza ukuba konke ukukhunjulwa kwabo kuphele.

15. Wandisa isizwe, Jehova,wandisa isizwe, wadunyiswa,wavula yonke imikhawulo yezwe.

U-Isaya 26