U-Isaya 22:3-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. Zonke izinduna zakho zibalekile kanyekanye,zaboshwa ngaphandle kweminsalo;zonke ezakho ezafunyanwayo zaboshwa kanyekanye,noma zazibalekele kude.

4. Ngalokho ngathi:“Ningangibheki,ngiyakukhala ngomunyu;ningazami ukungiduduzangenxa yokuchithwa kwendodakazi yabantu bami.”

5. Ngokuba kulusuku lokukhathazeka,nolokunyathelwa phansi, nolokukhungatheka,oluvela eNkosini uJehova SebawotiesiGodini Sombonokanye nokudilizwa kwezingangenokumemeza ezintabeni.

6. I-Elamu lathwala isambophakathi kwezinqola, nabantu, namahhashi,neKhiri lambula isihlangu.

7. Kwathi izigodi zakho ezikhethekileyozagcwala izinqola,nabamahhashi bazihlela nokuzihlela ngasesangweni.

8. Wasisusa isimbozo kwaJuda;wena wabheka ngalolo sukuizikhali zasendlini yehlathi.

9. Nabona imifantu emzini kaDavideukuthi yayiminingi,nawaqoqa amanzi asechibini lasenzansi.

10. Nazibala izindlu zaseJerusalema,nazidiliza izindlu ukuba niluqinise ugange.

11. Futhi nenzela amanzi echibi elidalaumgodi phakathi kwezingange zombili,kepha anibhekanga kumenzi walokho,animnakanga okade wakunquma.

12. Ngalolo suku iNkosi uJehova Sebawotiyabizela ukukhala, nokulila,nobumpandla, nokubhinca indwangu yamasaka,

13. kepha bheka,nakhu ukujabula, nokuthokoza,nokubulala izinkabi,nokuhlaba izimvu,ukudla inyama nokuphuza iwayini,ngokuthi: “Masidle, siphuze,ngokuba ngomuso sizakufa.”

U-Isaya 22