U-Isaya 22:12-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. Ngalolo suku iNkosi uJehova Sebawotiyabizela ukukhala, nokulila,nobumpandla, nokubhinca indwangu yamasaka,

13. kepha bheka,nakhu ukujabula, nokuthokoza,nokubulala izinkabi,nokuhlaba izimvu,ukudla inyama nokuphuza iwayini,ngokuthi: “Masidle, siphuze,ngokuba ngomuso sizakufa.”

14. Kepha uJehova Sebawoti wazibonakalisa ezindlebeni zami, wathi: “Impela lesi sono asiyikuhlangulwa kini nize nife,” isho iNkosi uJehova Sebawoti.

15. Isho kanje iNkosi uJehova Sebawoti, ithi:“Hamba uye kuleyo nduna uShebina ophezu kwendlu, uthi:

16. ‘Wenzani lapha,futhi unobani laphaukuba uziqophele lapha ithuna na?Uziqophela ithuna lakhe phezulu,uzikipilitela indawo yokuhlala edwaleni!’

17. “Bheka, uJehova uyakukulahlanjengalokhu umuntu elahla,abambe nokubamba.

U-Isaya 22