4. Uyakwahlulela phakathi kwezizwe,anqume phakathi kwabantu abaningi;bayakukhanda izinkemba zabo zibe ngamakhuba,nemikhonto yabo ibe ngocelemba;isizwe asiyikuphakamisela isizwe inkemba,zingabe zisafunda ukulwa.
5. Wena ndlu kaJakobe,woza sihambe ekukhanyeni kukaJehova.
6. Ngokuba ushiyile abantu bakho,indlu kaJakobe,lokhu begcwele ezasempumalanga,behlola imihlola njengamaFilisti,bexhawulana nabantwana babezizwe.
7. Izwe lakubo ligcwele isiliva negolide,akukho ukuphela kwengcebo yabo;izwe lakubo ligcwele futhi namahhashi,nokuphela kwezinqola akukho.