8. Ngokuba amasimu aseHeshiboni abunilekanye nomvini waseSibima;amakhosi ezizwe achithile amagatsha awo;afinyelela naseJazeri, edukela nasehlane;amahlumela awo elulwa,awela ulwandle.
9. Ngalokho ngiyakukhalela umvini waseSibimanjengokukhala kweJazeri,ngikumanzise, Heshiboni, ngezinyembezi zami,nawe Elehale,ngokuba phezu kwezithelo zakho nokuvuna kwakhokuwile ukumemeza kwempi.
10. Ukuthokoza kususiwe kanye nokujabula ensimini;nasezivinini akuhlatshelelwa, akujatshulwa;abanyathelayo abalinyatheli iwayini ezikhamweni;ngenze ukuba kuphele ukumemeza.
11. Ngalokho inhliziyo yamiiyakhala njengehabhu* ngoMowabi,nokuphakathi kwami ngeKhiri Heresi.
12. Kuyakuthi lapho uMowabi esebonakala,azikhathaze endaweni ephakemeyo,aye endlini yakhe engcwele ukuba athandaze,angaphumeleli.