U-Ezra 9:4-7 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. Kwase kubuthana kimi bonke abathuthumela ngamazwi kaNkulunkulu ka-Israyeli ngenxa yesiphambeko sabathunjwa; ngahlala ngimangele kwaze kwaba sesikhathini somnikelo wakusihlwa.

5. Ngesikhathi somnikelo wakusihlwa ngavuka ekuzileni kwami, ingubo yami nejazi lami kuklebhukile, ngaguqa ngamadolo, ngelulela izandla zami kuJehova uNkulunkulu wami,

6. ngathi: “Nkulunkulu wami, nginamahloni, ngiyakhophoza ukuba ngiphakamisele ubuso bami kuwe Nkulunkulu wami, ngokuba izono zethu zandile ngaphezu kwamakhanda ethu, namacala ethu akhulile kuze kube sezulwini.

7. Kusukela ezinsukwini zawobaba kuze kube namuhla sinecala elikhulu; ngenxa yezono zethu sanikelwa thina namakhosi ethu nabapristi bethu ezandleni zamakhosi abezizwe enkembeni, nasekuthunjweni, nasekuphangweni, nasemahlonini obuso njenganamuhla.

U-Ezra 9