U-Ezra 6:17-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

17. Banikela ekuhlanjululweni kwaleyo ndlu kaNkulunkulu ngezinkunzi eziyikhulu, nangezinqama ezingamakhulu amabili, nangamawundlu angamakhulu amane, kanye nezimpongo eziyishumi nambili zibe ngumnikelo wokona ngo-Israyeli wonke njengokomumo wezizwe zakwa-Israyeli.

18. Bamisa abapristi ngamaqembu abo namaLevi ngezigaba zawo ukuba baphathe inkonzo kaNkulunkulu eseJerusalema njengokulotshiweyo encwadini kaMose.

19. Abathunjwa bagcina iphasika ngolweshumi nane lwenyanga yokuqala.

20. Ngokuba abapristi namaLevi babezihlambululile kanyekanye; bonke babehlambulukile; bahlabela bonke abathunjwa iphasika, nabafowabo abapristi, bazihlabela nabo uqobo lwabo.

21. Abantwana bakwa-Israyeli ababebuyile ekuthunjweni, nabo bonke ababezahlukanisele kubo nokungcola kwabezizwe balelo zwe ukuba bafune uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli badla;

22. bagubha umkhosi wesinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa ngokuthokoza, ngokuba uJehova wayebathokozisile, waguqulela inhliziyo yenkosi yase-Asiriya kubo ukuba kuqiniswe izandla zabo emsebenzini wendlu kaNkulunkulu, uNkulunkulu ka-Israyeli.

U-Ezra 6