12. Kepha ngokuba obaba bese bemthukuthelisile uNkulunkulu wezulu, wabanikela esandleni sikaNebukadinesari inkosi yaseBabele, umKaledi, owachitha le ndlu, wabamukisa, wabayisa eBabele.
13. “ ‘Kepha ngomnyaka wokuqala kaKoresi inkosi yaseBabele, uKoresi inkosi wakhipha isimemezelo sokuba kwakhiwe le ndlu kaNkulunkulu.
14. Futhi izitsha zegolide nezesiliva zendlu kaNkulunkulu azikhipha uNebukadinesari ethempelini elaliseJerusalema wazingenisa ethempelini laseBabele, zona lezo uKoresi inkosi wazikhipha ethempelini laseBabele, zanikwa omunye ogama lakhe lalinguSheshebasari, owayemenze umbusi;
15. wathi kuye: “Thatha lezi zitsha, uye uzibeke ethempelini eliseJerusalema, indlu kaNkulunkulu yakhiwe endaweni yayo.”