U-Ezra 10:24-33 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

24. Kubahlabeleli: ngu-Eliyashibi; kubalindisango: ngoShalumi, noTeleme, no-Uri.

25. Ku-Israyeli: Kumadodana kaPharoshi: ngoRamiya, no-Iziya, noMalikhiya, noMijamini, no-Eleyazare, noMalikhiya, noBenaya.

26. Kumadodana ka-Elamu: ngoMathaniya, noZakariya, noJehiyeli, no-Abidi, noJeremoti, no-Eliya.

27. Kumadodana kaZathu: ngo-Eliyohenayi, no-Eliyashibi, noMathaniya, noJeremoti, noZabadi, no-Aziza.

28. Kumadodana kaBebayi: ngoJehohanani, noHananiya, noZabayi, no-Atilayi.

29. Kumadodana kaBani: ngoMeshulamu, noMaluki, no-Adaya, noJashubi, noSheyali, noJeremoti.

30. Kumadodana kaPhahati Mowabi: ngo-Adina, noKhelali, noBenaya, noMahaseya, noMathaniya, noBesaleli, noBinuwi, noManase.

31. Amadodana kaHarimi: o-Eliyezeri, noJishiya, noMalikhiya, noShemaya, noShimeyoni,

32. noBenjamini, noMaluki, noShemariya.

33. Kumadodana kaHashumi: ngoMathenayi, noMathatha, noZabadi, no-Elifeleti, noJeremayi, noManase, noShimeyi.

U-Ezra 10