U-Eksodusi 6:4-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. Futhi ngamisa isivumelwano sami nabo ukuyobanika izwe laseKhanani, izwe lokugogobala kwabo, lapho bebegogobala khona.

5. Yebo, futhi ngizwile ukububula kwabantwana bakwa-Israyeli abenziwe izigqila ngabaseGibithe; ngiyakhumbula isivumelwano sami.

6. “Ngalokho yisho kubantwana bakwa-Israyeli ukuthi: ‘NginguJehova; ngizakunikhipha emithwalweni yabaseGibithe, nginikhulule ebugqileni benu, nginihlenge ngengalo eyeluliweyo nangezahlulelo ezinkulu.

7. Ngiyakunithatha nibe yisizwe sami, mina ngibe nguNkulunkulu wenu; niyokwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu onikhipha emithwalweni yabaseGibithe.

8. Ngiyakuningenisa ezweni engaphakamisa isandla sami ngalo ukulinika u-Abrahama, no-Isaka, noJakobe; ngiyakunipha lona libe yifa; nginguJehova.’ ”

9. UMose wakhuluma-ke kanjalo kubo abantwana bakwa-Israyeli; kepha abamlalelanga uMose ngenxa yenhliziyo encane nemisebenzi esindayo.

10. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:

11. “Ngena ukhulume kuFaro inkosi yaseGibithe ukuba ivumele abantwana bakwa-Israyeli ukuphuma ezweni lakhe.”

U-Eksodusi 6