20. Zonke izikhonkwane zetabernakele* nezegceke nxasonke zaziyithusi.
21. Lokhu kuyimali yetabernakele,* itabernakele lobufakazi, njengokubalwa kwayo ngesiyalezo sikaMose, ngokubala kwamaLevi ngesandla sika-Itamari indodana ka-Aroni umpristi.
22. UBesaleli indodana ka-Uri kaHure, owesizwe sakwaJuda, wakwenza konke uJehova amyale ngakho uMose.