U-Eksodusi 37:20-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

20. Kwakukhona othini lwezibani izimbizana ezine ezifana nezimbali zemi-alimondi,* zinamasumpa azo nezimbali zazo,

21. isumpa phansi kwamagatsha amabili likunye nalo, nelinye isumpa phansi kwamagatsha amabili likunye nalo, nelinye isumpa phansi kwamagatsha amabili likunye nalo, kuwo onke amagatsha ayisithupha aphuma kulo.

22. Amasumpa alo namagatsha alo ayekunye nalo; konke okwalo kwakungumsebenzi munye okhandiweyo wegolide elicwengekileyo.

23. Wazenza izibani zalo eziyisikhombisa nezizenze zalo nezitsha zalo zensizi ngegolide elicwengekileyo.

U-Eksodusi 37