1. UJehova wakhuluma kuMose, wathi: “Hamba wenyuke lapha, wena nabantu obakhuphulile ezweni laseGibithe, uye ezweni engalifungela ku-Abrahama, naku-Isaka, nakuJakobe, ngathi: ‘Ngiyakulinika inzalo yakho.’
2. Ngiyakuthuma ingelosi phambi kwakho, ngiwaxoshe amaKhanani, nama-Amori, namaHeti, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi,
3. uye ezweni elichichima ubisi nezinyosi. Angiyikukhuphuka ngiphakathi kwenu, lokhu ningabantu abantamo ilukhuni, funa nginiqede endleleni.”
4. Abantu beyizwa le ndaba embi badabuka, akwabakho muntu owafaka izivunulo zakhe.