U-Eksodusi 31:4-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. ukuba aqambe imisebenzi yobungcweti, asebenze ngegolide, nangesiliva, nangethusi,

5. nangokuqopha amatshe okufakwa, nangokuqopha imithi, yebo, ukuba asebenze imisebenzi yonke.

6. Bheka, mina ngimisile kanye naye u-Oholiyabe indodana ka-Ahisamaki, owesizwe sakwaDani; ezinhliziyweni zazo zonke eziyizingcweti ngenhliziyo ngifake ukuhlakanipha ukuba zikwenze konke engikuyale ngakho:

7. itende lokuhlangana, nomphongolo wobufakazi, nesihlalo somusa esiphezu kwawo, nezimpahla zonke zetende,

8. netafula nezitsha zalo, nothi oluhle lwezibani nezitsha zonke zalo, ne-altare lempepho,

9. ne-altare lomnikelo wokushiswa nezitsha zonke zalo, nomcengezi nesinqe sawo,

10. nezingubo ezifekethisiweyo, nezambatho ezingcwele zika-Aroni umpristi nezambatho zamadodana akhe zokuba bakhonze esikhundleni sobupristi,

11. namafutha okugcoba, nempepho yamakha athaphukayo yendawo engcwele, yebo, zenze njengakho konke engikuyale ngakho.”

12. UJehova wakhuluma kuMose, wathi:

U-Eksodusi 31