U-Eksodusi 31:3-6 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. Ngimgcwalisile ngoMoya kaNkulunkulu, ngokuhlakanipha nangokuqonda nangokwazi nangamandla emisebenzini yonke,

4. ukuba aqambe imisebenzi yobungcweti, asebenze ngegolide, nangesiliva, nangethusi,

5. nangokuqopha amatshe okufakwa, nangokuqopha imithi, yebo, ukuba asebenze imisebenzi yonke.

6. Bheka, mina ngimisile kanye naye u-Oholiyabe indodana ka-Ahisamaki, owesizwe sakwaDani; ezinhliziyweni zazo zonke eziyizingcweti ngenhliziyo ngifake ukuhlakanipha ukuba zikwenze konke engikuyale ngakho:

U-Eksodusi 31