19. U-Aroni namadodana akhe bayakuhlamba kuwo izandla zabo nezinyawo zabo.
20. Nxa bengena etendeni lokuhlangana, bayakugeza ngamanzi ukuba bangafi, noma besondela e-altare ukuyokhonza, bawushise umnikelo womlilo kuJehova;
21. mabahlambe izandla zabo nezinyawo zabo ukuba bangafi, kube yisimiso esiphakade kubo, kuyena nakuyo inzalo yakhe ezizukulwaneni zabo.”
22. UJehova wakhuluma futhi kuMose, wathi:
23. “Zithabathele amakha amahle, imure* eliphumayo lamashekeli* angamakhulu ayisihlanu, nokinamona* othaphukayo wenxenye yalokho, okungukuthi amakhulu amabili namashumi ayisihlanu, nekalamu* elithaphukayo lamakhulu amabili namashumi ayisihlanu,
24. nekasiya* lamakhulu ayisihlanu ngokweshekeli* lendlu engcwele, nehini* lamafutha eminqumo.
25. Uwenze amafutha angcwele okugcoba amakha athakiweyo njengokwenza komthaki, abe ngamafutha angcwele okugcoba.