U-Eksodusi 19:13-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. makangaphathwa ngesandla, kepha impela uyakukhandwa ngamatshe nokuba ahlatshwe ngemicibisholo; noma kuyinkomo noma kungumuntu, akuyikuphila.’ Nxa icilongo likhala linganqamuki, bayakukhuphukela entabeni.”

14. UMose wehla entabeni, wabuyela kubantu, wabangcwelisa abantu; bahlanza-ke izingubo zabo.

15. Wayesethi kubantu: “Anoba senilungile ngosuku lwesithathu; ningasondeli kowesifazane.”

16. Kwathi ngosuku lwesithathu sekusile, kwaba khona ukuduma nokunyazima kombani, nefu elinzima phezu kwentaba, nezwi lecilongo elizwakala kakhulu; bonke abantu abasekamu* bathuthumela.

17. UMose wayesebakhipha abantu ekamu* ukuba bahlangane noNkulunkulu; bema phansi kwentaba.

U-Eksodusi 19