U-Eksodusi 18:12-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. UJetiro umukhwe kaMose wamthathela uNkulunkulu umnikelo wokushiswa nemihlatshelo; weza u-Aroni kanye nawo onke amalunga akwa-Israyeli ukuyokudla nomukhwe kaMose phambi kukaNkulunkulu.

13. Kwathi ngangomuso uMose wayehlala ukwahlulela abantu; abantu babemi ngakuMose kusukela ekuseni kwaze kwahlwa.

14. Umukhwe kaMose esebona konke abenzela khona abantu, wathi: “Kuyini lokhu obenzela khona bantu na? Uhlalelani wedwa, abantu bonke bemi ngakuwe kusukela ekuseni kuze kuhlwe na?”

15. UMose wathi kumukhwe wakhe: “Kungokuba abantu beza kimi ukuyombuza uNkulunkulu.

16. Uma benendaba, beza kimi; ngiyahlulela phakathi komuntu nomakhelwane wakhe, ngibazise izimiso zikaNkulunkulu nemithetho yakhe.”

17. Umukhwe kaMose wathi kuye: “Lokhu okwenzayo akukuhle.

18. Uyakudinwa nokudinwa, wena nalaba bantu abanawe, ngokuba lokhu kuyakusinda; awunakukwenza uwedwa.

19. Kalokhu lalela izwi lami, ngikululeke, uNkulunkulu abe nawe; ngithi: ‘Yiba ngumkhulumeli wabantu phambi kukaNkulunkulu, ulethe izindaba kuNkulunkulu,

U-Eksodusi 18