23. Ngokuba uJehova uyakudabula ukuyoshaya abaseGibithe; nanxa ebona igazi elisekhothameni nasezinsikeni zombili, uJehova uyakudlula kulowo mnyango, angamvumeli umbhubhisi ukuba angene ezindlini zenu ukuyobulala.
24. “Niyakugcina le nto ibe ngumthetho kuwena nakuwo amadodana akho kuze kube phakade.
25. Kuyakuthi lapho senifike ezweni uJehova azakuninika lona njengesithembiso sakhe, niyakugcina inkonzo yakhe.
26. Kuyakuthi nxa abantwana benu besho kini, bethi: ‘Iyini le nkonzo kini na?’
27. nithi: ‘Kungumhlatshelo wephasika likaJehova owadlula kuzo izindlu zabantwana bakwa-Israyeli mhla ebulala abaseGibithe, ezophula izindlu zethu.’ ” Abantu bakhothama, bakhuleka.
28. Abantwana bakwa-Israyeli basuka, benze njalo; njengalokho uJehova ebayalile oMose no-Aroni, benze njalo-ke.
29. Kwathi phakathi kwamabili uJehova wabulala onke amazibulo ezweni laseGibithe, kusukela kulo izibulo likaFaro owayehlala esihlalweni sakhe sobukhosi kuze kube kulo izibulo lesiboshwa esasisetilongweni, kanye namazibulo onke ezinkomo.
30. UFaro wavuka ebusuku, yena nezinceku zakhe zonke, nabo bonke abaseGibithe; kwaba khona ukukhala okukhulu eGibithe, ngokuba kwakungekhondlu, lapho kungafanga muntu khona.
31. Wababiza oMose no-Aroni ebusuku, wathi: “Vukani niphume kubantu bami, nina nabantwana bakwa-Israyeli, nihambe niyokhonza uJehova, njengalokho nishilo.
32. Thathani izimvu zenu nezinkomo zenu, njengalokho nishilo, nihambe, ningibusise nami.”
33. AbaseGibithe babebacindezela abantu ukuba babakhiphe ezweni ngokushesha, ngokuba bathi: “Thina sonke sifile.”
34. Abantu base bethatha inhlama yabo ingakavutshelwa, nezingqwembe zabo zokuxova isinkwa, ziboshwe ezingutsheni zabo emahlombe abo.
35. Abantwana bakwa-Israyeli benza-ke njengezwi likaMose; bacela kwabaseGibithe izinto zesiliva, nezinto zegolide, nezingubo.