U-Amose 9:8-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. “Bhekani, amehlo eNkosi uJehova akuwo umbuso owonayo;ngiyakuwuchitha ebusweni bomhlaba,ngingachithi nokho ngokupheleleyo indlu kaJakobe,” usho uJehova.

9. “Ngokuba bheka, ngiyakuyaleza,ngizulazulise indlu yakwa-Israyeliphakathi kwabo bonke abezizwe,njengalokhu kuhlungwa ngesihlungo,kepha akuyikuwela nembewu eyodwa emhlabathini.

10. Zonke izoni zabantu bami ziyakufa ngenkemba,zona ezithi: ‘Okubi akuyikusondela kithina, kusehlele.’ ”

11. “Ngalolo sukungiyakumisa idokodo likaDavide eliwileyo,ngivale imifantu yalo;ngiyakumisa izihlephu zalo,ngilakhe njengasezinsukwini zasendulo,

12. ukuze badle ifa lensali yakwa-Edominelezizwe zonke ezabizwa ngegama lami,”usho uJehova okwenza lokhu.

13. “Bhekani, izinsuku ziyeza,” usho uJehova,“lapho olimayo eyakufica ovunayo,nonyathela izithelo zomvini ohlwanyela imbewu;izintaba ziyakuconsa iwayini,amagquma onke ancibilike.

14. Ngiyakubuyisa ukuthunjwa kwabantu bami u-Israyeli,bakhe imizi echithekileyo,bahlale kuyo;bayakutshala izivini,baphuze iwayini lazo;bayakwenza nezivande,badle izithelo zazo.

U-Amose 9