Ngokukamathewu 9:9-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. Esadlula lapho uJesu wabona umuntu othiwa uMathewu ehlezi endaweni yokuthela, wathi kuye: “Ngilandele.” Wasuka-ke, wamlandela.

10. Kwathi ehlezi ekudleni endlini, bheka, kwafika abaningi abathelisi nezoni, bahlala badla noJesu nabafundi bakhe.

11. AbaFarisi bekubona lokho bathi kubafundi bakhe: “Yini ukuba umfundisi wenu adle nabathelisi nezoni na?”

12. Ekuzwa lokhu wathi: “Abaphilileyo abadingi inyanga, ngabagulayo bodwa.

Ngokukamathewu 9