Ngokukamathewu 9:18-29 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

18. Esakhuluma lokhu kubo, bheka, kwafika umphathi othile, wakhuleka kuye, wathi: “Indodakazi yami ifa khona manje; kepha woza, ubeke isandla sakho phezu kwayo, izakuphila.”

19. Wasuka-ke uJesu, wamlandela kanye nabafundi bakhe.

20. Bheka, owesifazane owayenomopho iminyaka eyishumi nambili weza emva kwakhe, wathinta umphetho wengubo yakhe.

21. Ngokuba wayethi phakathi kwakhe: “Uma ngingathinta nje ingubo yakhe, ngizakusindiswa.”

22. UJesu ephenduka wambona, wathi: “Yima isibindi, ndodakazi; ukukholwa kwakho kukusindisile.” Wasinda owesifazane, kusukela kuleso sikhathi.

23. UJesu esefikile endlini yomphathi, ebona khona ababethi bemitshingo nesixuku esixokozelayo,

24. wathi kubo: “Dedani, ngokuba intombazana ayifile, kodwa ilele.” Bamhleka usulu.

25. Isixuku sesikhishiwe, wangena, wayibamba ngesandla; yavuka intombazana.

26. Udumo lwalokho lwezwakala ezweni lonke langakhona.

27. Esadlula lapho uJesu, izimpumputhe ezimbili zamlandela, zamemeza zathi: “Sihawukele, ndodana kaDavide!”

28. Esengenile endlini, izimpumputhe zeza kuye. UJesu wathi kuzo: “Niyakholwa yini ukuthi ngingakwenza lokhu na?” Zathi kuye: “Yebo, Nkosi.”

29. Khona wathinta amehlo azo, wathi: “Makwenzeke kini njengokukholwa kwenu.”

Ngokukamathewu 9