30. Manje kwakukhona kude nabo umhlambi wezingulube eziningi ziklabile.
31. Amademoni amncenga athi: “Uma usikhipha, sithume ukuba singene emhlambini wezingulube.”
32. Wathi kuwo: “Hambani.” Ayesephuma, angena ezingulubeni; bheka, umhlambi wonke wagulukudela eweni, waphonseka elwandle, wafela emanzini.
33. Kodwa ababezalusa babaleka, baya emzini, babika konke, nalokho okwehlele abakhwelwe ngamademoni.
34. Bheka, umuzi wonke waphuma ukuyomhlangabeza uJesu; bathe bembona, bamncenga ukuba amuke emikhawulweni yelakubo.