Ngokukamathewu 8:28-30 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

28. Kwathi esefikile ngaphesheya ezweni lamaGadara, kwahlangana naye ababili abakhwelwe ngamademoni, bephuma emathuneni, beyizidlova ezinkulu ngangokuba kwakungedlule muntu ngaleyo ndlela.

29. Bheka, bamemeza bathi: “Sinamsebenzi muni nawe Ndodana kaNkulunkulu? Uze lapha ukusizwisa ubuhlungu, kungakabi yiso isikhathi, na?”

30. Manje kwakukhona kude nabo umhlambi wezingulube eziningi ziklabile.

Ngokukamathewu 8