Ngokukamathewu 8:20-24 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

20. UJesu wayesethi kuye: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke, kepha iNdodana yomuntu kayinandawo, lapho ingacamelisa khona ikhanda.”

21. Kodwa omunye wabafundi bakhe wathi kuye: “Nkosi, ngivumele ngiye kuqala ukuyakummbela ubaba.”

22. Kepha uJesu wathi kuye: “Ngilandele; yeka abafileyo bembele abafileyo babo.”

23. Wayesengena emkhunjini; abafundi bakhe bamlandela.

24. Bheka, kwavuka isiphepho esikhulu elwandle, umkhumbi waze wagujuzelwa ngamaza; kepha yena wayelele.

Ngokukamathewu 8