Ngokukamathewu 7:9-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. “Noma ngumuphi umuntu kini ongathi, uma indodana yakhe icela isinkwa, ayinike itshe,

10. noma icela inhlanzi, ayinike inyoka na?

11. Ngakho-ke uma nina enibabi nazi ukubapha abantwana benu izipho ezinhle, kakhulu uYihlo osezulwini uzakubapha okuhle abacela kuye.

12. Ngakho-ke konke nokungakanani enifuna ukuba abantu bakwenze kini, kwenzeni nani kanjalo kubo; ngokuba lokhu kungumthetho nabaprofethi.

13. “Ngenani ngesango elincane; ngokuba isango libanzi nendlela inkulu eyisa ekubhujisweni; baningi abangena khona.

14. Kepha isango lincane nendlela iyingcingo eyisa ekuphileni; bayingcosana abayifumanayo.

Ngokukamathewu 7