Ngokukamathewu 7:3-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. “Ubhekelani ucezwana olusesweni lomfowenu, kepha ugongolo olusesweni lakho awuluboni, na?

4. Ungasho kanjani kumfowenu ukuthi: ‘Ake ngikhiphe ucezwana olusesweni lakho;’ bheka, ugongolo lusesweni lakho.

5. Mzenzisi, khipha kuqala ugongolo esweni lakho, khona-ke uzakubonisisa ukukhipha ucezwana esweni lomfowenu.

6. “Ninganiki izinja okungcwele, ningaphonsi amaparele* enu phambi kwezingulube, funa ziwanyathele ngezinyawo zazo, ziphenduke, ziniklebhule.

7. “Celani, khona nizakuphiwa; funani, khona nizakufumana; ngqongqothani, khona nizakuvulelwa.

8. Ngokuba yilowo nalowo ocelayo uyamukeliswa, nofunayo uyafumana, nongqongqothayo uzakuvulelwa.

9. “Noma ngumuphi umuntu kini ongathi, uma indodana yakhe icela isinkwa, ayinike itshe,

Ngokukamathewu 7