Ngokukamathewu 5:23-26 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

23. “Ngakho-ke nxa uletha umnikelo wakho e-altare, ukhumbula lapho ukuthi umfowenu unamagqubu nawe,

24. shiya lapho umnikelo wakho phambi kwe-altare, uhambe kuqala ubuyisane nomfowenu, andukuba uze unikele umnikelo wakho.

25. “Shesha uzwane nolwa nawe nisesendleleni, funa olwa nawe akunikele kumahluleli, umahluleli akunikele esikhonzini, uphonswe etilongweni.

26. Ngiqinisile ngithi kuwe: Kawusoze waphuma khona, uze ukhiphe ifadingi* lokugcina.

Ngokukamathewu 5