Ngokukamathewu 28:5-7 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. Kodwa ingelosi yaphendula, yathi kwabesifazane: “Ningesabi nina; ngokuba ngiyazi ukuthi nifuna uJesu obebethelwe esiphambanweni;

6. kakho lapha, ngokuba uvukile njengokusho kwakhe; zanini nibone indawo lapho ebelele khona.

7. Hambani masinyane, nitshele abafundi bakhe ukuthi uvukile kwabafileyo; bhekani, uyanandulela ukuya eGalile, nizakumbona khona. Bhekani, nginitshelile.”

Ngokukamathewu 28